5. Kepha uma ningalaleli lawa mazwi, ngiyazifunga, usho uJehova, ukuthi le ndlu iyakuba yincithakalo.’ ”
6. Ngokuba usho kanje uJehova ngendlu yenkosi yakwaJuda, uthi:“UyiGileyadi kimi,nekhanda laseLebanoni;impela ngiyakukwenza ube yihlanenemizi engahlalwa muntu.
7. Ngiyakukulungisela abachithi,yilowo nalowo abe nezikhali zakhe,bagawule imisedari* yakho ekhethekileyo,bayiphonse emlilweni.
8. “Izizwe eziningi ziyakudlula kulo muzi, zisho, kube yileso naleso kwesinye, ukuthi: ‘UJehova wenzeleni okunje kulo muzi omkhulu na?’
9. Bayakuthi: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wabo, bakhuleka kwabanye onkulunkulu, babakhonza.’ ”
10. Ningakhaleli ofileyo,ningamlileli,kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo,ngokuba akasayikubuya,kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.
11. Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,
12. kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”
13. “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi,namakamelo akhe ngokungafanele,osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli,angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,