18. Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi:“Abayikumkhalela ngokuthi:‘Hhawu, mfowethu,’noma, ‘hhawu, dadewethu!’futhi bangamkhaleli ngokuthi:‘Hhawu, nkosi,’noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’
19. Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo,ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.
20. “Khuphukela eLebanoni, ukhale;phakamisa izwi lakho eBashani,ukhale use-Abarimi,ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.
21. Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla,kepha wathi: ‘Angizwa.’Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakhoukuthi awulizwa izwi lami.
22. Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho,nezithandwa zakho ziyakuthunjwa;impela uyakuba namahloni,ujabhe ngabo bonke ububi bakho.
23. Wena ohlala eLebanoni,owakha isidleke sakho kuyo imisedari,*uyakuhawukelwa kangakananingokufikelwa kwakho yimihelo,imihelo enjengeyobelethayo!