Ujeremiya 22:11-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,

12. kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”

13. “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi,namakamelo akhe ngokungafanele,osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli,angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,

14. othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulunamakamelo abanzi,’ayibhobozele amafasitele,bese yembeswa ngemisedari,*ibhecwe ngebomvu!

15. “Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na?Angithi uyihlo wadla, waphuza,wenza ukwahlulela nokulunga,kwaba kuhle kuye, na?

16. Wahlulela abaswelayo nabampofu,kwaba kuhle;angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.

17. “Amehlo akho nenhliziyo yakhokusekuphangeni kuphela,nasekuchitheni igazi elingenacala,nasekucindezeleni,nasekudloveni ukuba ukwenze.”

18. Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi:“Abayikumkhalela ngokuthi:‘Hhawu, mfowethu,’noma, ‘hhawu, dadewethu!’futhi bangamkhaleli ngokuthi:‘Hhawu, nkosi,’noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’

19. Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo,ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.

20. “Khuphukela eLebanoni, ukhale;phakamisa izwi lakho eBashani,ukhale use-Abarimi,ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

21. Ngakhuluma kuwe usenenhlanhla,kepha wathi: ‘Angizwa.’Lokhu kuyindlela yakho kwasebusheni bakhoukuthi awulizwa izwi lami.

22. Umoya uyakubalusa bonke abelusi bakho,nezithandwa zakho ziyakuthunjwa;impela uyakuba namahloni,ujabhe ngabo bonke ububi bakho.

23. Wena ohlala eLebanoni,owakha isidleke sakho kuyo imisedari,*uyakuhawukelwa kangakananingokufikelwa kwakho yimihelo,imihelo enjengeyobelethayo!

24. “Kuphila kwami,” usho uJehova, “noma uKhoniya indodana kaJehoyakimi, inkosi yakwaJuda, ebe yindandatho esandleni sami sokunene, nokho bengiyakukuhluthula khona,

25. ngikunikele esandleni sabafuna ukuphila kwakho nasesandleni salabo obesabayo, ngithi esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni samaKaledi.

26. Ngiyakukuzwibela kwelinye izwe, wena nonyoko owakuzalayo, lapho ningazalelwanga khona; niyakufela khona.

27. Kepha abayikubuyela ezweni abalangazelela ukubuyela kulo.”

Ujeremiya 22