Ujeremiya 22:10-20 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Ningakhaleli ofileyo,ningamlileli,kepha nimkhalele nokumkhalela omukayo,ngokuba akasayikubuya,kasayikubona izwe lokuzalwa kwakhe.

11. Ngokuba usho kanje uJehova ngoShalumi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, owaba yinkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waphuma kule ndawo, ukuthi: “Akasayikubuyela lapha,

12. kepha uyakufela kuleyo ndawo lapho bemthumbele khona; naleli zwe kasayikulibona.”

13. “Wo koyakha indlu yakhe ngokungalungi,namakamelo akhe ngokungafanele,osebenzisa umakhelwane wakhe engamholeli,angamniki lutho ngomsebenzi wakhe,

14. othi: ‘Ngiyakuzakhela indlu enkulunamakamelo abanzi,’ayibhobozele amafasitele,bese yembeswa ngemisedari,*ibhecwe ngebomvu!

15. “Uyinkosi ngokuba ushisekela imisedari* na?Angithi uyihlo wadla, waphuza,wenza ukwahlulela nokulunga,kwaba kuhle kuye, na?

16. Wahlulela abaswelayo nabampofu,kwaba kuhle;angithi lokhu kungukungazi mina na?” usho uJehova.

17. “Amehlo akho nenhliziyo yakhokusekuphangeni kuphela,nasekuchitheni igazi elingenacala,nasekucindezeleni,nasekudloveni ukuba ukwenze.”

18. Ngalokho usho kanje uJehova ngoJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, uthi:“Abayikumkhalela ngokuthi:‘Hhawu, mfowethu,’noma, ‘hhawu, dadewethu!’futhi bangamkhaleli ngokuthi:‘Hhawu, nkosi,’noma, ‘hhawu, bukhosi bakhe!’

19. Uyakumbelwa ngokumbelwa kwembongolo,ahudulwe alahlwe ngale kwamasango aseJerusalema.

20. “Khuphukela eLebanoni, ukhale;phakamisa izwi lakho eBashani,ukhale use-Abarimi,ngokuba zonke izithandwa zakho zibulewe.

Ujeremiya 22