Ujeremiya 21:1-3 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi elafika kuJeremiya, livela kuJehova, ekuthumeni kwenkosi uSedekiya uPhashuri indodana kaMalikhiya noZefaniya indodana kaMahaseya, umpristi, kuye ethi:

2. “Ake usibuzele kuJehova, ngokuba uNebukadinesari inkosi yaseBabele usihlasele; mhlawumbe uJehova angenza kithi njengazo zonke izimangaliso zakhe ukuba akhuphuke, asuke kithi.”

3. UJeremiya wathi kubo: “Niyakusho kanje kuSedekiya, nithi:

Ujeremiya 21