Ujeremiya 20:5-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

6. Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”

7. Wangiyenga, Jehova, ngayengeka;wawunamandla kunami, wangahlula.Ngibe yinhlekiso usuku lonke,bonke bangiklolodela.

8. Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala,ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa,lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwaihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

9. Lapho ngithi:“Angisayikumkhumbula,ngingasakhulumi egameni lakhe,”kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo,uvalelwe emathanjeni ami;ngikhathele ukubekezela, angikwazi.

10. Ngizwile ukuhleba kwabaningi:“Luvalo nxazonke.Mmangalele! Masimmangalele!”Bonke abangane bami bayalinda ukuwa kwami.“Mhlawumbe angayengwa, simahlule,siziphindisele kuye.”

11. Kepha uJehova unami njengeqhawe elesabisayo;ngalokho abangizingelayo bayakukhubeka,bangangahluli;bayakuba namahloni kakhulu,ngokuba abenzanga ngokuhlakanipha,nehlazo labo eliphakade aliyikukhohlakala.

12. Kepha, Jehova Sebawoti,ovivinya olungileyo,obona izinso nenhliziyo,mangibone ukuphindisela kwakho kubo,ngokuba ngikwambulele indaba yami.

Ujeremiya 20