Ujeremiya 20:1-9 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto.

2. UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

3. Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi uPhashuri kepha uMagori Misabibi.*

4. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

5. Futhi ngiyakunikela yonke imfuyo yalo muzi, nayo yonke imisebenzi yawo, nakho konke kwawo okuyigugu, yebo, yonke ingcebo yamakhosi akwaJuda esandleni sezitha zabo, ziyiphange, ziyithathe, ziyiyise eBabele.

6. Nawe Phashuri nabo bonke abahlala endlini yakho niyakuthunjwa; uyakufika eBabele, kepha uyakufela khona, umbelwe khona, wena nabo bonke abangane bakho oprofethe kubo amanga.’ ”

7. Wangiyenga, Jehova, ngayengeka;wawunamandla kunami, wangahlula.Ngibe yinhlekiso usuku lonke,bonke bangiklolodela.

8. Njalo lapho ngikhuluma, ngiyakhala,ngimemeza ngobudlova nokubhubhisa,lokhu izwi likaNkulunkulu lenziwaihlazo nenhlekiso kimi usuku lonke.

9. Lapho ngithi:“Angisayikumkhumbula,ngingasakhulumi egameni lakhe,”kusenhliziyweni yami njengomlilo oshisayo,uvalelwe emathanjeni ami;ngikhathele ukubekezela, angikwazi.

Ujeremiya 20