Ujeremiya 20:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. UPhashuri indodana ka-Imeri umpristi owayengumbonisi omkhulu endlini kaJehova wamuzwa uJeremiya eprofetha ngalezo zinto.

2. UPhashuri wamshaya uJeremiya umprofethi, wamfaka esitokisini* esasingasesangweni lasenhla lakwaBenjamini elalingasendlini kaJehova.

3. Kwathi ngakusasa uPhashuri wamkhipha uJeremiya esitokisini. UJeremiya wayesethi kuye: “UJehova akabizanga igama lakho ngokuthi uPhashuri kepha uMagori Misabibi.*

4. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakukwenza ukuba ube luvalo kuwe uqobo nakubo bonke abangane bakho; bayakuwa ngenkemba yezitha zabo, amehlo akho akubone; ngiyakunikela wonke uJuda esandleni senkosi yaseBabele, ibathumbele eBabele, ibabulale ngenkemba.

Ujeremiya 20