1. Washo kanje uJehova, wathi: “Hamba uzithengele uphiso lwebumba lombumbi, uthathe amanye amalunga abantu namanye amalunga abapristi,
2. uphume, uye esigodini sendodana kaHinomu esingasesikhaleni seSango Lezindengezi, umemezele khona amazwi engiyakuwasho kuwe,
3. uthi: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda nabakhileyo eJerusalema; usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo, nabo bonke abakuzwayo, izindlebe zabo ziyakunkeneneza ngakho.
4. Ngokuba bangishiyile, benze le ndawo ukuba ibe ngeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, abangabazanga, bona nawoyise namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala,
5. bakha izindawo eziphakemeyo zikaBali ukushisa amadodana abo ngomlilo, abe yiminikelo yokushiswa kuBali, engingakuyalanga, nengingakukhulumanga, nokungangenanga enhliziyweni yami,