Ujeremiya 18:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi:

2. “Suka wehlele endlini yombumbi, ngikuzwise khona amazwi ami.”

3. Ngehlela endlini yombumbi; bheka, wasebenza umsebenzi wakhe esondweni lokubumba.

4. Kepha isitsha asenza ngebumba sonakala esandleni sombumbi; wabuye wenza esinye isitsha njengokuhle emehlweni ombumbi ukuba asenze.

5. Lase lifika izwi likaJehova kimi, lithi:

6. “Bengingenze kinina ndlu ka-Israyeli njengalo mbumbi na?” usho uJehova. “Bhekani, njengebumba esandleni sombumbi, ninjalo esandleni sami nina ndlu ka-Israyeli.

7. Ngesikhathi esithile, lapho ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwusiphula, nokuwudiliza, nokuwuchitha,

8. leso sizwe engikhulumile ngaso bese siphenduka ebubini baso, ngiyakubuya kukho okubi ebengicabanga ukukwenza kuso.

9. Ngesinye isikhathi ngikhuluma ngesizwe nangombuso ukuwakha nokuwutshala;

10. uma senza okubi emehlweni ami, singalilaleli izwi lami, ngiyakubuya kukho okuhle ebengisho ukuthi ngiyakusenzela khona.

Ujeremiya 18