Ujeremiya 17:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,ongesabi lapho kufika ukushisa,amaqabunga awo abe luhlaza,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,anganqamuki ukuthela izithelo.”

9. Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,futhi imbi;ngubani ongayazi na?

10. “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,ngihlola izinso ukuba nginike,kube yilowo nalowonjengezindlela zakhe,njengezithelo zezenzo zakhe.”

11. Intendele efukamela ingazalanga,unjalo owenza ingcebo ngokungalungi;iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe,abe yisiwula ngasekugcineni.

12. Indawo yendlu yethu engcweleiyisihlalo sobukhosi esinenkazimuloesiphakemeyo.

13. O, themba lika-Israyeli, Jehova,bonke abakushiyayo bayakujabha;abachezuka kimi bayakulotshwaemhlabathini,ngokuba bamshiyile uJehova,umthombo wamanzi aphilayo.

14. Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;ngisindise, ngisindiswe,ngokuba uludumo lwami.

15. Bheka, bathi kimi:“Liphi izwi likaJehova na?Malize phela.”

Ujeremiya 17