10. “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,ngihlola izinso ukuba nginike,kube yilowo nalowonjengezindlela zakhe,njengezithelo zezenzo zakhe.”
11. Intendele efukamela ingazalanga,unjalo owenza ingcebo ngokungalungi;iyakumshiya phakathi nezinsuku zakhe,abe yisiwula ngasekugcineni.
12. Indawo yendlu yethu engcweleiyisihlalo sobukhosi esinenkazimuloesiphakemeyo.
13. O, themba lika-Israyeli, Jehova,bonke abakushiyayo bayakujabha;abachezuka kimi bayakulotshwaemhlabathini,ngokuba bamshiyile uJehova,umthombo wamanzi aphilayo.
14. Ngiphulukise, Jehova, ngiphuluke;ngisindise, ngisindiswe,ngokuba uludumo lwami.
15. Bheka, bathi kimi:“Liphi izwi likaJehova na?Malize phela.”
16. Mina-ke angiyekanga ukwalusa ngokukulandela,futhi angilufisanga usuku olwesabekayo;wena uyazi;okwaphuma emlonyeni wamikwakuphambi kobuso bakho.
17. Ungabi luvalo kimi;uyisiphephelo sami ngosuku lobubi.
18. Mababe namahloni abangizingelayo,kepha mina mangingabi nawo;baphele amandla bona,mina ngingapheli wona kodwa;behlisele usuku lobubi,ubaphule ngokwaphula okuphindiweyo.
19. Usho kanje kimi uJehova, uthi: “Hamba ume esangweni lamadodana abantu, angena ngalo amakhosi akwaJuda, aphuma ngalo futhi, nasemasangweni onke aseJerusalema,
20. uthi kuwo: ‘Zwanini izwi likaJehova nina makhosi akwaJuda, noJuda wonke, nani nonke enakhileyo eJerusalema eningena ngalawa masango;
21. usho kanje uJehova, uthi: Xwayani ngenxa yemiphefumulo yenu ukuba ningathwali mthwalo ngosuku lwesabatha, ningawungenisi ngamasango aseJerusalema;
22. futhi ningakhiphi mthwalo ezindlini zenu ngosuku lwesabatha, ningasebenzi msebenzi, kepha lungcweliseni usuku lwesabatha njengokuyala kwami oyihlo,