Ujeremiya 17:1-10 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. “Isono sakwaJuda silotshiwe ngothi lwensimbi lokuloba; ngesihloko sedayimani* siqoshiwe ezibhebheni zezinhliziyo zabo nasezimpondweni zama-altare enu,

2. abantwana babo besakhumbula ama-altare abo nawo-Ashera* babo ngasemithini eluhlaza emagqumeni aphakemeyo.

3. Intaba yami yasendle, impahla yakho nengcebo yakho yonke ngiyakukunikela kube yimpango kanye nezindawo zakho eziphakemeyo ngenxa yezono emikhawulweni yakho yonke.

4. Uyakuyeka ngokwakho ifa lakho engakunika lona, ngikwenze ukuba ukhonze izitha zakho ezweni ongalaziyo, ngokuba niphembile umlilo olakeni lwami oyakuvutha kuze kube phakade.”

5. Usho kanje uJehova, uthi:“Uqalekisiwe umuntu othemba kubantu,ayenze inyama ibe yingalo yakhe,nonhliziyo yakhe isuka kuJehova.

6. Uyakuba njengesihlahla esiyize ehlane,angaboni ukuthi kuyeza okuhle,uyakuhlala ezindaweni ezishileyo ehlane,ezweni likasawoti elingahlalwa muntu.

7. “Ubusisiwe umuntu othemba kuJehova,nothemba lakhe linguJehova.

8. Ngokuba uyakuba njengomuthi otshalwe ngasemanzini,ozenabisa izimpande zawo ngasemfuleni,ongesabi lapho kufika ukushisa,amaqabunga awo abe luhlaza,angabi naluvalo ngomnyaka wesigagadu,anganqamuki ukuthela izithelo.”

9. Inhliziyo iyakhohlisa ngaphezu kwakho konke,futhi imbi;ngubani ongayazi na?

10. “Mina Jehova ngivivinya inhliziyo,ngihlola izinso ukuba nginike,kube yilowo nalowonjengezindlela zakhe,njengezithelo zezenzo zakhe.”

Ujeremiya 17