Ujeremiya 16:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Izwi likaJehova lafika kimi, lathi:

2. “Awuyikuzithathela umfazi, ungabi namadodana namadodakazi kule ndawo.”

3. Ngokuba usho kanje uJehova ngamadodana nangamadodakazi azalwa kule ndawo, nangawonina abawabelethayo, nangawoyise abawazalayo kuleli zwe, uthi:

4. “Bayakuba nokufa okwesabekayo, abayikulilelwa, abayikumbelwa; bayakuba ngumquba emhlabathini, baqedwe ngenkemba nangendlala, izidumbu zabo zibe ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zasemhlabeni.”

5. Ngokuba usho kanje uJehova, uthi: “Ungangeni endlini yesililo, ungayi ukulila, ungabakhaleli, ngokuba ngikususile ukuthula kwami kulaba bantu,” usho uJehova, “kanye nomusa nobumnene.

6. Abakhulu nabancane bayakufela kuleli zwe, abayikumbelwa, abayikulilelwa; abantu abayikuzisika, abayikuziphucula ngenxa yabo;

7. abayikubahlephulela isinkwa sokulila ukuba babaduduze ngabafileyo, bangabaphuzisi indebe yokududuza ngoyise nangonina.

Ujeremiya 16