Ujeremiya 15:7-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,ngabaphuca abantwana,ngachitha abantu bami;ababuyanga ezindleleni zabo.

8. Abafelokazi babo bandile kimikunesihlabathi solwandle,ngehlisele phezu kwawoninabezinsizwa umchithi emini,ngehlisele ukwesaba nengebhe phezu kwabo.

9. Owazala abayisikhombisa usedangele,waphuma umoya;ilanga lakhe lishonile kuse semini;ujabhile, wayangaza;insali yabo ngiyakuyinikela enkembeningaphambi kwezitha zabo,” usho uJehova.

10. Maye kimina, mame,ukuthi ungizalile,ngibe ngumuntu wokuphikisananokuxabana emhlabeni wonke!Angibizanga inzalo,futhi akubizwanga inzalo kimi,nokho bayangiqalekisa bonke.

11. Wathi uJehova:“Ngiyakukukhululakube kuhle;impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxusengesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.

12. “Umuntu angaphula insimbi yini,insimbi yasenyakatho, nethusi, na?

Ujeremiya 15