Ujeremiya 15:10-18 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

10. Maye kimina, mame,ukuthi ungizalile,ngibe ngumuntu wokuphikisananokuxabana emhlabeni wonke!Angibizanga inzalo,futhi akubizwanga inzalo kimi,nokho bayangiqalekisa bonke.

11. Wathi uJehova:“Ngiyakukukhululakube kuhle;impela ngiyakwenza ukuba isitha sikunxusengesikhathi esibi nangesikhathi sokuhlupheka.

12. “Umuntu angaphula insimbi yini,insimbi yasenyakatho, nethusi, na?

13. Ngiyakunikela imfuyo yakhonengcebo yakho kube yimpangokungengantengo,ngazo zonke izono zakhoemikhawulweni yakho yonke.

14. Ngiyakwenza ukuba uzikhonze izitha zakhoezweni ongalaziyo,ngokuba kuphenjiwe umlilo olakeni lwamioyakuvutha kini.”

15. Uyazi wena Jehova;ngikhumbule, ngihambele,ungiphindisele kwabangizingelayo;ungangisusi ngokubekezela kwakho;yazi ukuthi ngenxa yakho ngithwale ihlazo.

16. Amazwi akho afunyanwa, ngawadla;amazwi akho aba ngukujabula kiminokuthokoza kwenhliziyo yami,ngokuba ngibizwa ngegama lakho,Jehova Nkulunkulu Sebawoti.

17. Angihlalanga emhlanganweni wabahlekayo,angithokozanga;ngahlala ngedwa ngenxa yesandla sakho,ngokuba ungigcwalisile ngokufutheka.

18. Yini ukuba ubuhlungu bamibube khona njalonjalo,nesilonda sami singapholiswa,sala ukuphulukiswa, na?Impela uyakuba ngamanzi aphuthayo kimi,amanzi angathembekile, na?

Ujeremiya 15