Ujeremiya 15:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Wayesethi uJehova kimi: “Noma bekumi phambi kwami oMose noSamuweli, inhliziyo yami ibingebe kulaba bantu; balahle ebusweni bami, baphume.

2. Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Siyakuphuma siyephi na?’ usho kubo ukuthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:“ ‘Abokufa, mabaye ekufeni,nabenkemba, enkembeni,nabendlala, endlaleni,nabokuthunjwa, ekuthunjweni.’

3. “Ngiyakubamisela izinhlobo ezine,” usho uJehova: “inkemba yokubulala, nezinja zokudonsa, nezinyoni zezulu nezilwane zomhlaba zokudla nezokuchitha.

4. Ngiyakubenza ukuba bahlupheke emibusweni yonke yomhlaba ngenxa kaManase indodana kaHezekiya, inkosi yakwaJuda, ngalokho akwenza eJerusalema.

5. “Ngokuba ngubani oyakukuhawukelawena Jerusalema na?Ngubani oyakukukhalela?Ngubani oyakuphambukelaukubuza ngempilo yakho na?

6. Wena ungishiyile,” usho uJehova,“wabuyela emuva;ngiselulele isandla sami kuwe,ngakuchitha;sengikhathele ukuhawukela.

7. Ngibelile ngembenge emasangweni ezwe,ngabaphuca abantwana,ngachitha abantu bami;ababuyanga ezindleleni zabo.

Ujeremiya 15