10. Usho kanje uJehova ngalaba bantu, uthi:“Bathanda ukuzula kanjalo,abazibambi izinyawo zabo;uJehova akathokozi ngabo;manje uyakubukhumbula ububi babo,azihambele izono zabo.”
11. UJehova wathi kimi: “Ungabakhulekeli laba bantu ukuba baphiwe okuhle.
12. Noma bezila ukudla, angiyikuzwa ukumemeza kwabo; noma benikela ngomnikelo wokushiswa nangowempuphu, angiyikuthokoza ngabo, kepha ngiyakubaqeda ngenkemba, nangendlala, nangesifo.”
13. Ngase ngithi: “E, Nkosi Jehova, bheka, abaprofethi bathi kubo: ‘Aniyikubona inkemba, nendlala ayiyikunehlela, kepha ngiyakuninika ukuthula okuqinisileyo kule ndawo.’ ”
14. Wayesethi uJehova kimi: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami; angibathumanga, angibayalanga, angikhulumanga kubo; baprofetha imibono yamanga, nokubhula, nokuyize, nenkohliso yenhliziyo yabo.
15. Ngalokho usho kanje uJehova ngabaprofethi abaprofetha ngegama lami, ngingabathumanga, bathi: ‘Akuyikubakho inkemba nendlala kuleli zwe,’ uthi: Ngenkemba nangendlala bayakuphela laba baprofethi.
16. Abantu abaprofetha kubo bayakuphonswa ezitaladini zaseJerusalema ngenxa yendlala nenkemba; abayikuba namuntu wokubembela, bona nawomkabo, namadodana abo, namadodakazi abo; ngiyakuthela okubi kwabo phezu kwabo.
17. “Kepha uyakusho leli zwi kubo lokuthi:“ ‘Amehlo ami mahlengezele izinyembezi imini nobusuku,zinganqamuki,ngokuba intombi,indodakazi yabantu bami,ilimele ngokulimala okukhulu,ngokushaywa okunzima kakhulu.
18. Uma ngiphumela endle,bheka, nampo ababuleweyo ngenkemba,nalapho ngingena emzini, bheka,nampo abaphethwe yindlala,ngokuba umprofethi nompristi bahamba izwebengazi lutho.’ ”