Ujeremiya 13:9-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema.

10. Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.

11. Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’

12. “Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’

13. Uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, ngiyakugcwalisa ngokudakwa bonke abakhileyo kuleli zwe, namakhosi ahlala esihlalweni sobukhosi sikaDavide, nabapristi, nabaprofethi, nabo bonke abakhileyo eJerusalema.

14. Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”

15. Zwanini, nibeke indlebe;ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.

16. Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo,engakalihlwisi,futhi zingakakhubeki izinyawo zenuezintabeni zokuhwelela,nothi nisabheka ukukhanya,akuphendule ithunzi lokufa,akwenze kube yisigayegaye.

17. Kepha uma ningalaleli,umphefumulo wami uyakukhalangasese ngokuzidla kwenu;iso lami liyakukhala nokukhala,limululeka izinyembezi,ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.

18. Yisho kuyo inkosinakuyo indlovukazi ukuthi:“Hlalani phansi ngokuzithoba,ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,umqhele wodumo lwenu.”

19. Imizi yaseningizimu ivaliwe,akakho ovulayo;wonke uJuda uthunjiwe,uthunjiwe ngokupheleleyo.

20. Phakamisani amehlo enu,nibone abavela enyakatho;uphi umhlambi owaphiwa wona,izimvu zakho ezinhle, na?

21. Uyakuthini lapho emisa phezu kwakholabo okade ubafundisileukuba babe ngabangane bakho,babe yinhloko, na?Awuyikubanjwa lusizinjengowesifazane obelethayo na?

22. Uma uthi enhliziyweni yakho:Ngehlelelweni yilezi zinto na?Ngobukhulu bokona kwakhoimiphetho yakho iphakanyisiwe,nezithende zakho ziyadlovulwa.

23. UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,nengwe amabala ayo, na?Khona ningenza okuhlenina enifundisiwe ukwenza okubi.

24. “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibiadlula ngomoya wasehlane.

Ujeremiya 13