Ujeremiya 13:3-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

3. Lase lifika izwi likaJehova ngokwesibili, lithi:

4. “Thatha ibhande olithengileyo, elisezinkalweni zakho, uvuke uhambe, uye e-Ewufrathe, ulifihle emfantwini wesiwa.”

5. Ngase ngihamba, ngalifihla ngase-Ewufrathe njengokungiyala kukaJehova.

6. Kwathi ngasekugcineni kwezinsuku eziningi uJehova wathi kimi: “Suka uye e-Ewufrathe, ulilande khona ibhande engakuyala ngalo ukuba ulifihle khona.”

7. Ngaya e-Ewufrathe, ngemba, ngalilanda ibhande, lapho ngangilifihle khona; bheka, ibhande lalonakele, lalingasenamsebenzi.

8. Lase lifika izwi likaJehova, lithi:

9. “Usho kanje uJehova: ‘Ngale ndlela ngiyakukuchitha ukuziqhenya kukaJuda nokuziphakamisa okukhulu kweJerusalema.

10. Laba bantu ababi abala ukuzwa amazwi ami, abahamba ngobulukhuni bezinhliziyo zabo, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze, bakhuleke kubo, bayakuba njengaleli bhande elingasenamsebenzi.

11. Ngokuba njengalokhu ibhande linamathela okhalweni lomuntu, kanjalo ngiyinamathelisile kimi yonke indlu yakwa-Israyeli nayo yonke indlu yakwaJuda,’ usho uJehova, ‘ukuba babe ngabantu bami, negama, nodumo, nendumiso, kepha kabalalelanga.’

12. “Uyakukhuluma kubo leli zwi lokuthi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Zonke izimvaba ziyagcwaliswa ngewayini.’ Bayakusho kuwe ukuthi: ‘Impela asazi yini ukuthi zonke izimvaba zigcwaliswa ngewayini na?’

Ujeremiya 13