14. Ngiyakubaphahlaza omunye komunye, oyise nabantwana ndawonye, usho uJehova; angiyikubahawukela, angiyikubasindisa, angiyikuba nasihe kubo sokuba ngingabachithi.’ ”
15. Zwanini, nibeke indlebe;ningaziqhenyi, ngokuba uJehova ukhulumile.
16. Mnikeni uJehova uNkulunkulu wenu udumo,engakalihlwisi,futhi zingakakhubeki izinyawo zenuezintabeni zokuhwelela,nothi nisabheka ukukhanya,akuphendule ithunzi lokufa,akwenze kube yisigayegaye.
17. Kepha uma ningalaleli,umphefumulo wami uyakukhalangasese ngokuzidla kwenu;iso lami liyakukhala nokukhala,limululeka izinyembezi,ngokuba umhlambi kaJehova uthunjiwe.
18. Yisho kuyo inkosinakuyo indlovukazi ukuthi:“Hlalani phansi ngokuzithoba,ngokuba izigqoko zenu ziwile phansi,umqhele wodumo lwenu.”
19. Imizi yaseningizimu ivaliwe,akakho ovulayo;wonke uJuda uthunjiwe,uthunjiwe ngokupheleleyo.
20. Phakamisani amehlo enu,nibone abavela enyakatho;uphi umhlambi owaphiwa wona,izimvu zakho ezinhle, na?
21. Uyakuthini lapho emisa phezu kwakholabo okade ubafundisileukuba babe ngabangane bakho,babe yinhloko, na?Awuyikubanjwa lusizinjengowesifazane obelethayo na?
22. Uma uthi enhliziyweni yakho:Ngehlelelweni yilezi zinto na?Ngobukhulu bokona kwakhoimiphetho yakho iphakanyisiwe,nezithende zakho ziyadlovulwa.
23. UmKushe angasiguqula isikhumba sakhe,nengwe amabala ayo, na?Khona ningenza okuhlenina enifundisiwe ukwenza okubi.
24. “Ngalokho ngiyakubasakaza njengamabibiadlula ngomoya wasehlane.
25. Lokhu kungokwenkatho yakho,isabelo osilinganiselwe yimi,” usho uJehova,“ngokuba wangikhohlwa,wethemba emangeni.
26. Ngiyakuphakamisa imiphetho yakho ebusweni bakho,kubonakale ihlazo lakho.
27. Ukuphinga kwakho nokuyiyiza kwakho,ukukhanuka kobufebe bakho nezinengiso zakho,ngikubonile emagqumeni asendle.Maye kuwe Jerusalema!Awuyikuhlambulukakoze kube nini na?”