Ujeremiya 12:4-8 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Koze kube nini izwe lidabuka,nemifino yonke yasendle ibuna, na?Ngobubi babakhileyo khonaizinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:“Akayikubona ukugcina kwethu.”

5. “Uma ugijimile nemigundatshani,yakukhathaza,ungancintisana kanjani namahhashi na?Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?

6. Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlonabo bakukhohlisile,nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

7. “Ngiyishiyile indlu yami,ngililahlile ifa lami,nginikele othandiweyo womphefumulo wamiesandleni sezitha zakhe.

8. Ifa lami likiminjengengonyama ehlathini;lingiphumisele izwi;ngalokho ngiyalizonda.

Ujeremiya 12