Ujeremiya 12:1-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ulungile wena Jehova,noma ngimelana nawe;ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela:iphumelelani indlela yababi,kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?

2. Ubatshalile, futhi bagxilile;bayakhula, bathela izithelo;useduze nomlomo wabo,kepha ukude nezinhliziyo zabo.

3. Kepha wena Jehova uyangazi,uyangibona, uvivinya inhliziyo yamiukuthi injani kuwe;bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa,ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

4. Koze kube nini izwe lidabuka,nemifino yonke yasendle ibuna, na?Ngobubi babakhileyo khonaizinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:“Akayikubona ukugcina kwethu.”

5. “Uma ugijimile nemigundatshani,yakukhathaza,ungancintisana kanjani namahhashi na?Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?

6. Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlonabo bakukhohlisile,nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

7. “Ngiyishiyile indlu yami,ngililahlile ifa lami,nginikele othandiweyo womphefumulo wamiesandleni sezitha zakhe.

8. Ifa lami likiminjengengonyama ehlathini;lingiphumisele izwi;ngalokho ngiyalizonda.

9. Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi,amanqe angakulo alihaqile nxazonke;hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle,nizilethe, zidle.

10. Abelusi abaningi basichithile isivini sami,basinyathele phansi isabelo sami,benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.

11. Basenze incithakalo;siyincithakalo, sikhala kimi;izwe lonke lichithiwe,kepha akakho okubeka enhliziyweni.

12. Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho,ngokuba inkemba kaJehova iyadla,kusukela komunye umkhawulo womhlabakuze kufike komunye,nenyama enokuthula ayikho.

13. Bahlwanyele ukolweni,bavuna ameva,bakhandlekile bengasizakalanga;yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenungenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”

14. Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo.

15. Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo.

Ujeremiya 12