1. Ulungile wena Jehova,noma ngimelana nawe;ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela:iphumelelani indlela yababi,kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?
2. Ubatshalile, futhi bagxilile;bayakhula, bathela izithelo;useduze nomlomo wabo,kepha ukude nezinhliziyo zabo.
3. Kepha wena Jehova uyangazi,uyangibona, uvivinya inhliziyo yamiukuthi injani kuwe;bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa,ubalungisele usuku lokuhlatshwa.
4. Koze kube nini izwe lidabuka,nemifino yonke yasendle ibuna, na?Ngobubi babakhileyo khonaizinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:“Akayikubona ukugcina kwethu.”
5. “Uma ugijimile nemigundatshani,yakukhathaza,ungancintisana kanjani namahhashi na?Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?
6. Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlonabo bakukhohlisile,nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”
7. “Ngiyishiyile indlu yami,ngililahlile ifa lami,nginikele othandiweyo womphefumulo wamiesandleni sezitha zakhe.
8. Ifa lami likiminjengengonyama ehlathini;lingiphumisele izwi;ngalokho ngiyalizonda.
9. Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi,amanqe angakulo alihaqile nxazonke;hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle,nizilethe, zidle.
10. Abelusi abaningi basichithile isivini sami,basinyathele phansi isabelo sami,benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.
11. Basenze incithakalo;siyincithakalo, sikhala kimi;izwe lonke lichithiwe,kepha akakho okubeka enhliziyweni.