Ujeremiya 1:8-13 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Ungabesabi, ngokuba nginawe ukuba ngikophule,” usho uJehova.

9. UJehova wayeselula isandla sakhe, wawuthinta umlomo wami; uJehova wathi kimi: “Bheka, ngibekile amazwi ami emlonyeni wakho.

10. Bona, ngiyakubeka namuhla phezu kwezizwe naphezu kwemibuso ukusiphula nokudiliza, ukuchitha nokubhubhisa, ukwakha nokutshala.”

11. Izwi likaJehova lafika kimi futhi, lathi: “Jeremiya, ubonani na?”Ngathi: “Ngibona igatsha lomalimondi.”*

12. Wayesethi uJehova kimi: “Ubone kahle, ngokuba ngiyakulilinda izwi lami ukuba ngilenze.”

13. Lase lifika kimi izwi likaJehova ngokwesibili, lithi: “Ubonani na?”Ngathi: “Ngibona ikhanzi elibilayo. Ubuso balo bungasenyakatho.”

Ujeremiya 1