Ngokuba bheka, ngikubekile namuhla ube ngumuzi obiyelweyo, nensika yensimbi, nezingange zethusi ngakulo izwe lonke, nangawo amakhosi akwaJuda nezikhulu zalo, nangakubo abapristi balo nabantu bezwe.