Ujeremiya 1:1-7 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Amazwi kaJeremiya, indodana kaHilikiya, wabapristi ababe se-Anathoti ezweni lakwaBenjamini,

2. okwafika kuye izwi likaJehova ezinsukwini zikaJosiya indodana ka-Amoni, inkosi yakwaJuda, ngomnyaka weshumi nantathu wokubusa kwakhe;

3. lafika futhi ezinsukwini zikaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekupheleni komnyaka weshumi nanye kaSedekiya indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, kuze kube sekuthunjweni kweJerusalema ngenyanga yesihlanu.

4. Kwafika kimi izwi likaJehova, lathi:

5. “Ngingakakubumbi esiswini ngakwazi;ungakaphumi esizalweni ngakungcwelisa,ngakubeka umprofethi ezizweni.”

6. Kepha ngathi: “Awu, Nkosi Jehova! Bheka, angikwazi ukukhuluma, ngokuba ngingumntwana.”

7. Kepha uJehova wathi kimi: “Ungasho ukuthi ungumntwana, ngokuba uyakuya kubo bonke engikuthuma kubo, nakho konke engikuyala ngakho uyakukukhuluma.

Ujeremiya 1