Uhoseya 9:8-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9. Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;uyakhumbula ububi babo,uyabahambela ngezono zabo.

10. “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneningesikhathi sawo sokuqala.Kepha bafika eBali Peyori,bazahlukanisela okunezinhloni,baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11. Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,lumuke njengenyoni,kungabikho ukuzala, nonesisu,nokukhulelwa.

12. Noma bekhulisa abantwana babo,nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;yebo, maye kubo,lapho ngimuka kubo!

Uhoseya 9