Uhoseya 9:7-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

7. Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,izinsuku zempindiselo zisondele;u-Israyeli uyakukwazi.Umprofethi uyakuba njengesiwula,umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakhonangobutha obukhulu;

8. umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.

9. Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;uyakhumbula ububi babo,uyabahambela ngezono zabo.

10. “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneningesikhathi sawo sokuqala.Kepha bafika eBali Peyori,bazahlukanisela okunezinhloni,baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.

11. Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,lumuke njengenyoni,kungabikho ukuzala, nonesisu,nokukhulelwa.

12. Noma bekhulisa abantwana babo,nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;yebo, maye kubo,lapho ngimuka kubo!

13. U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire,utshalwe endaweni emnandi,kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14. “Banike, Jehova uyakunikani?Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15. “Bonke ububi babo buseGiligali;ngalokho ngabazonda khona;ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,angisayikubathanda;zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

Uhoseya 9