Uhoseya 9:11-17 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

11. Udumo luka-Efrayimi luyakundiza,lumuke njengenyoni,kungabikho ukuzala, nonesisu,nokukhulelwa.

12. Noma bekhulisa abantwana babo,nokho ngiyakubaphuca bona kungasali muntu;yebo, maye kubo,lapho ngimuka kubo!

13. U-Efrayimi, njengalokho ngibone eTire,utshalwe endaweni emnandi,kepha u-Efrayimi uyakukhiphela umbulali abantwana bakhe.

14. “Banike, Jehova uyakunikani?Banike isisu esiphuphumayo namabele omileyo.

15. “Bonke ububi babo buseGiligali;ngalokho ngabazonda khona;ngenxa yobubi bezenzo zabo ngiyakubaxosha endlini yami,angisayikubathanda;zonke izikhulu zabo zingabahlubuki.

16. U-Efrayimi ushayiwe,impande yabo yomile,abayikuthela izithelo.Noma bezala,ngiyakubulala okuthandekayo kwesisu sabo.”

17. UNkulunkulu wami uyakubalahla,ngokuba abamlalelanga,babe ngabazulazulayo phakathi kwabezizwe.

Uhoseya 9