Uhoseya 9:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Ungajabuli, Israyeli,kube ngukuthokoza njengokwabezizwe,ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.

2. Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,iwayini elisha liyakumkhohlisa.

3. Abayikuhlala ezweni likaJehova;u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe,nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.

4. Abayikuthululela uJehova iwayini;imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye,isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo;bonke abasidlayo bayakungcola,ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango,singangeni endlini kaJehova.

Uhoseya 9