1. Ungajabuli, Israyeli,kube ngukuthokoza njengokwabezizwe,ngokuba umukile kuNkulunkulu wakho ngokufeba,wathanda inkokhelo kuzo zonke izibuya zamabele.
2. Isibuya nesikhamo sewayini akuyikubafunza,iwayini elisha liyakumkhohlisa.
3. Abayikuhlala ezweni likaJehova;u-Efrayimi uyakubuyela eGibithe,nase-Asiriya bayakudla okungcolileyo.
4. Abayikuthululela uJehova iwayini;imihlatshelo yabo ayiyikuba mihle kuye,isinkwa sabo sibe njengesinkwa sabalilayo;bonke abasidlayo bayakungcola,ngokuba isinkwa sabo siyakuba ngesephango,singangeni endlini kaJehova.
5. Niyakwenze njani ngosuku lomhlanganonangosuku lomkhosi kaJehova na?
6. Bhekani,ngokuba bemukile ekuchithweniiGibithe liyakubabutha,iMofi libembele;izinto zabo zamagugu zesiliva ziyakudliwa yizimbabazane,kube ngameva ematendeni abo.
7. Ziyafika izinsuku zokuhanjelwa,izinsuku zempindiselo zisondele;u-Israyeli uyakukwazi.Umprofethi uyakuba njengesiwula,umuntu onomoya ahlanye ngenxa yobuningi bobubi bakhonangobutha obukhulu;
8. umprofethi engumlindi ka-Efrayimi kanye noNkulunkulu wami,ugibe lomthiyi wezinyoni lukuzo zonke izindlela zakhe,nobutha busendlini kaNkulunkulu wakhe.
9. Bazonakalisile ngokujulileyo njengasezinsukwini zaseGibeya;uyakhumbula ububi babo,uyabahambela ngezono zabo.
10. “Ngamfumana u-Israyeli njengezithelo zomvini ehlane,ngabona oyihlo njengolibo emkhiwaneningesikhathi sawo sokuqala.Kepha bafika eBali Peyori,bazahlukanisela okunezinhloni,baba yizinengiso njengalokho abakuthandayo.