1. “Lapho bengiyakumphulukisa u-Israyeli,bambulelwa ububi buka-Efrayimi nokubi kweSamariya,ngokuba benza inkohliso,amasela ayafohla,nabaphangi baphanga ngaphandle.
2. Abacabangi ezinhliziyweni zaboukuthi ngiyakhumbula konke okubi kwabo;sebezungeziwe yizenzo zabo,ziphambi kobuso bami.
3. “Ngobubi babo bayathokozisa inkosi,nezikhulu ngamanga abo.
4. Bayiziphingi bonke;banjengeziko elishiswa ngumphekisinkwaoyeka ukukhwezela kusukela ekuxovweni kwenhlamakuze kube sekubileni kwayo.
5. Ngosuku lwenkosi yethuizikhulu zazigulisa ngokushisa kwewayini;yona yayiselulela izideleli isandla.
6. Lapho sebeshisile izinhliziyo zabo ngamacebo zibe njengeziko,umphekisinkwa wabo ulala ubusuku bonke;ekuseni liyavutha njengomlilo wamalangabi.
7. Bonke bashisa njengeziko,badla abahluleli babo;onke amakhosi abo ayawa,kungekho phakathi kwabo ongibizayo.
8. “U-Efrayimi uyazihlanganisa nabanye abantu:u-Efrayimi uyiqebelengwane elingaphendulwanga.