Uhoseya 4:5-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Mpristi, uyakukhubeka emini,kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku;nonyoko ngiyakumbhubhisa.

6. Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,ungabi ngumpristi wami;lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakhonami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.

7. Njengokwanda kwabo,kanjalo bona kimi;udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.

8. Badla izono zabantu bami,babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.

9. Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi:ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo,ngibuyisele kubo izenzo zabo.

10. “Bayakudla, bangasuthi kodwa;bayakufeba, bangandi kodwa,ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.

11. Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.

Uhoseya 4