4. “Makungabikho ophikisana nomunye,asole omunye;nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.
5. Mpristi, uyakukhubeka emini,kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku;nonyoko ngiyakumbhubhisa.
6. Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,ungabi ngumpristi wami;lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakhonami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
7. Njengokwanda kwabo,kanjalo bona kimi;udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
8. Badla izono zabantu bami,babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.
9. Kuyakuthi njengabantu abe njalo umpristi:ngiyakubahambela ngenxa yezindlela zabo,ngibuyisele kubo izenzo zabo.
10. “Bayakudla, bangasuthi kodwa;bayakufeba, bangandi kodwa,ngokuba bayekile ukumnakekela uJehova.
11. Ubufebe newayini newayini elisha kususa umqondo.
12. Abantu bami babuza emthini,induku yabo ibatshele,ngokuba umoya wobufebe ubadukisile,basuka phansi kukaNkulunkulu wabo ngokufeba.
13. Bayahlabela eziqongweni zezintaba,bashisa impepho emagqumeni,phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,*ngokuba umthunzi wakho muhle;kungalokho amadodakazi enu ayafeba,nawomakoti benu bayaphinga.