14. “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu,lapho efeba,nawomakoti benu lapho bephinga,ngokuba namadoda achezukela iziphingi,ahlaba kanye nezifebe zethempeli.Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.
15. “Noma wena Israyeli ufeba,uJuda makangazitholeli icala;ningayi eGiligali,ningenyukeli eBeti Aveni,ningafungi ngokuthi:‘Kuphila kukaJehova.’
16. Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole;uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?
17. U-Efrayimi uhlangene nezithombe;myeke.
18. Ukuphuza kwabo sekuphelile;bayafeba nokufeba;izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.
19. Umoya ubasongile ngamaphiko awo;bayakujabha ngemihlatshelo yabo.