Uhoseya 4:13-19 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

13. Bayahlabela eziqongweni zezintaba,bashisa impepho emagqumeni,phansi kwama-oki* nemipopula* nemitherebinte,*ngokuba umthunzi wakho muhle;kungalokho amadodakazi enu ayafeba,nawomakoti benu bayaphinga.

14. “Angiyikuwajezisa amadodakazi enu,lapho efeba,nawomakoti benu lapho bephinga,ngokuba namadoda achezukela iziphingi,ahlaba kanye nezifebe zethempeli.Kanjalo abantu abangenangqondo bayakuwiswa.

15. “Noma wena Israyeli ufeba,uJuda makangazitholeli icala;ningayi eGiligali,ningenyukeli eBeti Aveni,ningafungi ngokuthi:‘Kuphila kukaJehova.’

16. Ngokuba u-Israyeli unenkani njengesithole;uJehova angabelusa njengemvana endaweni ebanzi na?

17. U-Efrayimi uhlangene nezithombe;myeke.

18. Ukuphuza kwabo sekuphelile;bayafeba nokufeba;izikhulu zabo zithandisisa ihlazo.

19. Umoya ubasongile ngamaphiko awo;bayakujabha ngemihlatshelo yabo.

Uhoseya 4