1. Yizwani izwi likaJehovanina bantwana bakwa-Israyeli,ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni,lokhu kungekho qiniso, namusa,nakumazi uNkulunkulu ezweni.
2. “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga,nokubulala, nokweba, nokuphinga;bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
3. Ngalokho izwe liyakudabuka,bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendlenezinyoni zezulu;yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.
4. “Makungabikho ophikisana nomunye,asole omunye;nokho abantu bakho bayakuphikisana nabapristi.
5. Mpristi, uyakukhubeka emini,kukhubeke umprofethi kanye nawe ebusuku;nonyoko ngiyakumbhubhisa.
6. Abantu bami babhujiswa ngokuswela ukwazi;ngokuba ukulahlile ukwazi nami ngiyakukulahla wena,ungabi ngumpristi wami;lokhu ukhohliwe umthetho kaNkulunkulu wakhonami ngiyakukhohlwa abantwana bakho.
7. Njengokwanda kwabo,kanjalo bona kimi;udumo lwabo ngiyakulwenana ngehlazo.
8. Badla izono zabantu bami,babhekisa umphefumulo wabo ebubini babo.