1. Yizwani izwi likaJehovanina bantwana bakwa-Israyeli,ngokuba uJehova unokuphikisana nabakhileyo ezweni,lokhu kungekho qiniso, namusa,nakumazi uNkulunkulu ezweni.
2. “Kukhona ukufunga nokuqamba amanga,nokubulala, nokweba, nokuphinga;bayafohla, izingazi zilandele izingazi.
3. Ngalokho izwe liyakudabuka,bonke abakhe kulo badangale kanye nezilwane zasendlenezinyoni zezulu;yebo, nezinhlanzi zolwandle ziyakususwa.