4. Angiyikuhawukela abantwana bakhe,ngokuba bangabantwana bobufebe.
5. Ngokuba unina ufebile,ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zamiezinginika isinkwa sami namanzi ami,uboya bami bezimvu nefilakisi* lami,amafutha ami nokuphuza kwami.’
6. Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva,ngakhe ugange ngakuye,ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7. Uyakulandela izithandwa zakhe,kepha akayikuzifica;uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana;abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’
8. Kepha akazanga ukuthi yiminaengamnika amabele, newayini elisha, namafutha,ngamandisela isilivanegolide abenza ngakho uBali.
9. “Ngalokho ngiyakubuye ngithabathe amabele ami ngesikhathi sawo,newayini lami elisha ngenkathi yalo,ngisuse uboya bami bezimvu nefilakisi* lamilokusibekela ubunqunu bakhe.
10. Sengiyakwambula ihlazo lakheemehlweni ezithandwa zakhe;akuyikubakho omophula esandleni sami.
11. Ngiyakwenza ukuba iphele yonke intokozo yakhe,imikhosi yakhe,nokwethwasa kwenyanga,namasabatha akhe,nayo yonke imikhosi yakhe emisiweyo.
12. Ngiyakuchitha imivini yakhe nemikhiwane yakheashilo ngakho, wathi:‘Kuyinkokhelo yami ezinginikile yona izithandwa zami;’ngiyakukwenza kube yihlathi,izilwane zasendle zikudle.