13. Ngiyakumhambela ngenxa yezinsuku zawoBaliowabashisela ngazo impepho,wahloba ngamacici akhe nangezinto zakhe ezinhle,wazilandela izithandwa zakhe,wangikhohlwa, usho uJehova.
14. “Ngalokho bhekani, ngiyakumyenga,ngimyise ehlane, ngimqunge isibindi.
15. Lapho ngiyakumnika izivini zakhe,nesigodi sase-Akori* sibe ngumnyango wethemba;uyakuphendula lapho njengasezinsukwini zobusha bakhenasosukwini lokukhuphuka kwakhe ezweni laseGibithe.
16. “Kuyakuthi ngalolo suku,” usho uJehova,“ungibize ngokuthi: ‘YiNdoda yami,’ungasangibizi ngokuthi:‘NguBali wami.’
17. Ngiyakususa amagama awoBali emlonyeni wakhe,bangabe besakhunjulwa ngamagama abo.
18. Ngalolo suku ngiyakubenzela isivumelwano nezilwane zasendle,nezinyoni zezulu nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni,ngaphule umnsalo nenkemba nokulwa ukuba kusuke ezweni,ngibalalise belondekile.