1. “Bese nibiza abafowenu ngokuthi u-Ami, nawodadewenu ngokuthi uRuhama.
2. “Phikisanani nonyoko, niphikisane,ngokuba akasiye umkami,nami angisiyo indoda yakhe;makasuse ubufebe bakhe ebusweni bakhe,nokuphinga kwakhe phakathi kwamabele akhe,
3. funa ngimhlubule abe nqunu,ngimenze njengasosukwini lokuzalwa kwakhe,ngimenze ihlane,ngimbeke abe njengezwe elomileyo,ngimbulale ngokoma.
4. Angiyikuhawukela abantwana bakhe,ngokuba bangabantwana bobufebe.
5. Ngokuba unina ufebile,ngokuba wathi: ‘Ngiyakulandela izithandwa zamiezinginika isinkwa sami namanzi ami,uboya bami bezimvu nefilakisi* lami,amafutha ami nokuphuza kwami.’
6. Ngalokho bhekani, ngiyakuvimbela indlela yakho ngameva,ngakhe ugange ngakuye,ukuze angafumani imikhondo yakhe.
7. Uyakulandela izithandwa zakhe,kepha akayikuzifica;uyakuzifuna, kepha akayikuzifumana;abesethi: ‘Ngiyakuhamba ngibuyele endodeni yami yokuqala,ngokuba kwakukuhle kimi lapho kunamanje.’
8. Kepha akazanga ukuthi yiminaengamnika amabele, newayini elisha, namafutha,ngamandisela isilivanegolide abenza ngakho uBali.