2. UJehova unokuphikisana noJuda futhi;uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe,ambuyisele ngokwezenzo zakhe.
3. Esiswini wabamba umfowabo ngesithende,nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;
4. walwa nengelosi, wanqoba;wakhala, wanxusa kuyo;yamfumana eBethele,yakhuluma naye lapho.
5. NguJehova uNkulunkulu Sebawoti,nguJehova igama lakhe lodumo.
6. Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho,ugcine umusa nokulunga,ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.