Uhoseya 12:2-6 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

2. UJehova unokuphikisana noJuda futhi;uyakuhambela uJakobe ngenxa yezindlela zakhe,ambuyisele ngokwezenzo zakhe.

3. Esiswini wabamba umfowabo ngesithende,nasebudodeni bakhe walwa noNkulunkulu;

4. walwa nengelosi, wanqoba;wakhala, wanxusa kuyo;yamfumana eBethele,yakhuluma naye lapho.

5. NguJehova uNkulunkulu Sebawoti,nguJehova igama lakhe lodumo.

6. Ngalokho buyela wena kuNkulunkulu wakho,ugcine umusa nokulunga,ulindele uNkulunkulu wakho njalonjalo.

Uhoseya 12