Uhoseya 10:9-14 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

9. “Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli;bema khona;impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?

10. Lapho ngithanda, ngiyabajezisa;abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

11. U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo,esithanda ukubhula amabele;kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle;sengiyakumbophela u-Efrayimi,uJuda alime,uJakobe azidubele.

12. Zihlwanyeleleni ngokulunga,niyakuvuna ngomusa;qathani umqatho wenu;sekuyisikhathi sokumfuna uJehova,aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.

13. Nilime ububi,navuna okubi;nidlile izithelo zamanga,ngokuba nethemba endleleni yenunakubo ubuningi bamaqhawe enu.

14. Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho,zichithwe zonke izinqaba zakho,njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa,unina echotshozwa phezu kwabantwana.

Uhoseya 10