13. Nilime ububi,navuna okubi;nidlile izithelo zamanga,ngokuba nethemba endleleni yenunakubo ubuningi bamaqhawe enu.
14. Kuyakuvela ukuxokozela phakathi kwabantu bakho,zichithwe zonke izinqaba zakho,njengalokho uShalimani achitha iBeti Aribeli ngosuku lokulwa,unina echotshozwa phezu kwabantwana.
15. Kanjalo iBethele liyakwenza kini ngenxa yobubi benu obukhulu;ekuseni inkosi yakwa-Israyeli iyakunqunywa nokunqunywa.