Uhoseya 10:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. U-Israyeli wayengumvini owenabileyo,ngokobuningi bezithelo zakhe wandisa ama-altare akhe;ngokobuhle bezwe lakhe wenza izinsuku ezinhle.

2. Inhliziyo yabo yayahlukene;uyakuwaphula ama-altare abo,achithe izinsika zabo.

3. Yebo, manje bayakuthi:“Asinankosi,ngokuba asimesabanga uJehova;kepha inkosi ingasenzelani na?”

4. Bakhuluma amazwi nje,befunga amanga,benza isivumelwano;bese kumila ukwahlulela njengenhlungunyembe emiseleni yamasimu.

5. Abakhileyo eSamariya bayakuba novalongenxa yamathole aseBeti Aveni,ngokuba abantu balo bayakulila ngawo,abapristi bezithombe bakhale ngawo ngenxa yodumo lwawoukuthi lumukile kuwo.

6. Iyakuyiswa e-Asiriya ibe yisipho kuyo inkosi uJarebi;u-Efrayimi uyakwamukela ihlazo,u-Israyeli ajabhe ngeziluleko zakhe.

7. Inyamalele inkosi yaseSamariya njengebazelo ebusweni bamanzi.

8. Izindawo eziphakemeyo zase-Aveni,isono sakwa-Israyeli, ziyakuchithwa;ameva namakhakhasi ayakukhuphukela ema-altare abo;bayakuthi kuzo izintaba: “Sisibekeleni,”nakuwo amagquma: “Welani phezu kwethu.”

9. “Kwasezinsukwini zaseGibeya wonile, Israyeli;bema khona;impi nabo abobubi ayiyikubafica eGibeya na?

10. Lapho ngithanda, ngiyabajezisa;abantu babahlanganyele ekubabopheleni ebubini obubili.

11. U-Efrayimi uyisithole esifundisiweyo,esithanda ukubhula amabele;kepha mina ngiyekile intamo yaso enhle;sengiyakumbophela u-Efrayimi,uJuda alime,uJakobe azidubele.

12. Zihlwanyeleleni ngokulunga,niyakuvuna ngomusa;qathani umqatho wenu;sekuyisikhathi sokumfuna uJehova,aze afike, anise ukulunga phezu kwenu.

Uhoseya 10