Uhezekeli 8:8-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Wathi kimi: “Ndodana yomuntu, gebhula ogangeni.” Nanxa sengigebhulile ogangeni, bheka, nanko umnyango.

9. Wayesethi kimi: “Ngena ubone izinengiso ezimbi abazenzayo lapha.”

10. Ngangena, ngabona; bheka, zonke izimo zezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilwane ezinengekayo, nazo zonke izithombe zendlu ka-Israyeli kudwetshiwe odongeni nxazonke.

11. Kwakumi phambi kwabo abantu abangamashumi ayisikhombisa bamalunga endlu yakwa-Israyeli, naphakathi kwabo uJahazaniya indodana kaShafani, kwaba yilowo nalowo enomcengezi wakhe womlilo esandleni sakhe, nephunga lefu lempepho lenyuka.

12. Wayesethi kimi: “Ndodana yomuntu, uyabona yini akwenzayo amalunga endlu yakwa-Israyeli ebumnyameni, kube yilelo nalelo ekamelweni lalo lezithombe, na? Ngokuba athi: ‘UJehova akasiboni, uJehova ulishiyile izwe.’ ”

13. Futhi wathi kimi: “Uyakubuye ubone ezinye izinengiso ezinkulu abazenzayo.”

14. Wayesengiyisa esivalweni sesango lendlu kaJehova elingasenyakatho; bheka, nampo abesifazane behlezi belilela uTamuzi.

15. Wathi kimi: “Uyakubona lokho wena ndodana yomuntu na? Uyakubuye ubone izinengiso ezinkulu kunalezi.”

Uhezekeli 8