Uhezekeli 7:15-27 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

15. “Yinkemba ngaphandle, yisifo nendlala ngaphakathi; osensimini uyakufa ngenkemba, osemzini uyakuqedwa yindlala nesifo.

16. Abaphunyukileyo babo bayakuphunyuka, babe sezintabeni njengamajuba asezigodini, bakhale bonke, kube yilowo nalowo ngezono zakhe.

17. Zonke izandla ziyakudangala, nawo onke amadolo abe buthakathaka njengamanzi.

18. Bayakubhinca izindwangu zamasaka, uvalo lubasibekele, amahloni abe sebusweni bonke, nobumpandla kuwo onke amakhanda abo.

19. Bayakuphonsa isiliva labo ezitaladini, igolide labo libe yinto engcolileyo, isiliva labo negolide labo kungabi namandla okubophula ngosuku lwentukuthelo kaJehova; abayikusuthisa imiphefumulo yabo, bangagcwalisi izibilini zabo, ngokuba kade kuyisikhubekiso sobubi babo.

20. Ukukhazimula kwezimvunulo zakho bakubeka kwaba ngukuziqhenya, benza ngakho izithombe ezinengekayo nezizondekayo; ngalokho ngikwenzile kwaba yinto engcolileyo kubo.

21. Ngiyakukunikela esandleni sabafokazi, kudliwe, nakwababi bomhlaba, kube yimpango, bakungcolise.

22. Ngiyakufulathelisa ubuso bami kubo, balingcolise igugu lami, kungene kulo abaphangi, balingcolise.

23. “Yenza iketanga, ngokuba izwe ligcwele amacala egazi, nomuzi ugcwele ubudlova.

24. Ngiyakuletha izizwe ezimbi kakhulu, zidle izindlu zabo, ngiqede ukuzidla kwabanamandla, izindawo zabo ezingcwele zingcoliswe.

25. Ukunqunywa kuyeza; bayakufuna ukuthula, kepha akuyikuba khona.

26. Ingozi iyakwelanywa yingozi, umbiko ulandele umbiko; bayakufuna umbono womprofethi, kepha umthetho uyakuphela kumpristi nesiluleko kuwo amalunga.

27. Inkosi iyakulila, isikhulu siyakwembatha incithakalo, nezandla zabantu bezwe ziyakuhlushwa; ngiyakwenza kubo njengezindlela zabo, ngibahlulele njengezimfanelo zabo, bazi ukuthi nginguJehova.”

Uhezekeli 7