9. Abaphephayo benu bayakungikhumbula phakathi kwezizwe abayakuthunjelwa kuzo, lapho ngaphula izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo alandela izithombe zabo ukuba baphinge nazo, banengwe emehlweni abo ngokubi abakwenzileyo ezinengisweni zabo zonke.
10. Bayakwazi ukuthi nginguJehova; angishongo ngeze ukuthi ngiyakwenza lokhu okubi kubo.
11. “ ‘Isho kanje iNkosi uJehova, ithi: Shaya ngesandla sakho, udubhuze ngonyawo lwakho, uthi: “Maye, ngenxa yazo zonke izinengiso ezimbi zendlu yakwa-Israyeli!” Ngokuba bayakuwa ngenkemba, nangendlala, nangesifo.
12. Okude uyakufa ngesifo, oseduze uyakuwa ngenkemba, oseleyo evinjezelwe uyakufa ngendlala, ngifeze kanjalo ukufutheka kwami kubo.