12. Inxenye yesithathu yakho iyakufa ngesifo, baphele nangendlala phakathi kwakho; inxenye yesithathu iyakuwa ngenkemba nxazonke zakho, nenxenye yesithathu iyakuhlakazwa kuyo yonke imimoya, ngihoshe inkemba emva kwabo.
13. “Isiyakuphela intukuthelo yami, nganelise ukufutheka kwami ngabo, ngiduduzeke; bayakwazi ukuthi mina Jehova ngikhulumile ngomhawu wami, lapho sengifezile ukufutheka kwami ngabo.
14. “Ngiyakukwenza ube yincithakalo nehlazo phakathi kwezizwe ezikuhaqayo emehlweni abo bonke abadlulayo.